UBOSHWE umsolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13.

0
66




Amaphoyisa abophe umsolwa wesilisa oneminyaka engu-25 ubudala ngezinsolo zokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13 ubudala ngeSonto mhlaka-7 Novemba 2021, esandiso se-10 e Diepsloot.

Unina kamufi usola ukuthi wabona indodakazi yakhe iphethe u-R30 wabe eseyibuza ukuthi inikezwe ngubani le mali. Ube eseveza ukuthi le mali wayithola kowesilisa othile osebenza esitolo esiseduze wabe eselala naye. Umama ubkhekane nomsolwa okuthiwa wazivumela yena ukuthi wanika isisulu imali. Ngesikhathi unina kamufi esabisa ngokuthi uzobika udaba emaphoyiseni – umsolwa ubemncenga ukuthi angawabikeli amaphoyisa. Udaba lwabe seluyiswa emaphoyiseni, umsolwa wabe eseboshwa. Uzovela eNkantolo yeMantshi yase Randburg namuhla ekuseni, 09 November 2021.

Ihlanganiswe ngu: Captain Tinyiko Mathebula

Diepsloot SAPS: Corporate Communication